top of page
Search
  • Writer's pictureUzizwa Kanjani

Singobani thina?

Updated: Aug 16, 2020



Uzizwa Kanjani yilapho umphakathi ungakhuluma khona ngempilo yengqondo kanye nezinye izinkinga ezikhona lapha eNingizimu Afrika. Zonke izinsiza zingesiZulu ngoba sifuna ukuthi abantu abaningi bangathola usizo ngolimi lwabo. Sifisa ukuthi ngesikhathi esizayo izinsiza zingabhalwa ngezinye izilimi zase Ningizimu Afrika.


Siyazi ukuthi lonke usizo sivamise ukuluthola ngeSingisi kanye nezinye izilimi zabelungu. Lokhu akukuhle ngoba Isingisi akulona ulimi lokuqala lwabantu abaningi. Ngakhokhe safuna ukuqala umphakathi lapho abantu abakhuluma isiZulu bangaphumula kancane, ngoba akudingeki sikhulume olunye ulimi.

Ukuhlala endlini isikhathi eside,kusenze sabona ukuthi kubalulekile ukubeka phambili impilo yengqondo. Ngesinye isikhathi siyakhohlwa ukuthi kunabantu emhlabeni abangasisiza. Uma uhlala nomuntu okuhlukumezayo, uma uhlushwa ukugula kwengqondo, uma ucindezelekile, uma udinga umuntu ozokhuluma naye nje kanye, uma ufuna ukufunda kuphela, wamukelekile la kuUzizwa Kanjani.









31 views0 comments

Recent Posts

See All
Post: Blog2 Post
bottom of page