top of page
Search
  • Writer's pictureUzizwa Kanjani

Izindlela zokubhekane nokukhathazeka (i-Anxiety)


Ngokuvumelana ne-WHO, kukhona abantu abayizigidi ezingu-264 abahlushwa ngukukhathazeka emhlabeni jikelele. Lokhu kuveza ukuthi akumelanga sifihle le nkinga, ngoba kukhona abantu abaseduze kwethu abangakhuluma nathi, ngezikinga ezibekwe ngabantu abahlushwa ngukukhathazeka. Namhlanje sizohlahlela izindlela zokubhekane nokukhathazeka.


Okokuqala, kumele siphefumule. Njalo, uma sikhathazeke kakhulu, siyakhohlwa umoya wethu. Lokhu akusizi ngoba kumele sithole umoya ezigqondweni zethu ukuze sikwazi ukucabanga kahle. Ungazikhumbuza ukuphefumula ngoku bala imizuzwana engu--5 ngesikhathi uhogela, bese ukhipha umoya. Ungenza lokhu kahlanu. Bheka leli ikhasi: Phefumula ukuthola umhlahlandlela wokuzindla.


Enye indlela yokubhekana nokukhathazeka ukukhomba izinto ezibangela ukukhathazeka kwakho. Lezinto zingaba: ukuhamba, ukuhoxa ezidakamizweni, ukuhlukumezeka, ezokuxhumana, i-caffeine kanye nezinye izinto. Ungazama ukugwema lezinto, kodwa uma kunzima, kumele ukhulume nodokotela, ukuze uziyeke.


Uma unesikhathi, kumele uzame ukuba nenqubo yezinsuku zonke. Lokhu kuthatha isikhathi esiningi ( umhlambwe izinsuku ezi-14), kodwa uma uqala ukuzijwayela, ukukhathazeka kuyehla.


Siyazi ukuthi lezinto zinzima ukuzenza, njengabantu base Ningizimu Afrika, lapho simatasa kakhulu. Kodwa, uma ukukhathazeka kwakho kuphezulu kakhulu, kumele ubonane nodokotela. Ungahamba esibhedlela noma ekliniki. Khumbula ukuthi impilo yengqondo ibaluleke njengempilo yomzimba.


35 views0 comments

Recent Posts

See All
Post: Blog2 Post
bottom of page