top of page
Search
  • Writer's pictureUzizwa Kanjani

Izindlela Zokuthuthukisa Impilo Yengqondo


Kumele siqale ngokwazi ukuthi iyini “Impilo yengqodo” ngempela. Impilo yengqondo iyi isimo semizwa kanye nesimo senhlalo sethu. Kukhombisa indlela esisingatha ngayo ukucindezeleka kanye ubudlelwano bethu nabantu bebonke. Kubangelwa imvelo yethu, kubangelwa ukuthi sizungezwe ngubani futhi kubangelwa usizi olwedlule.

Kungani kubalulekile ukuthola impilo yengqondo enhle? Ukuba impilo yenqondo elungile kuyasisiza ngoku:

  1. Bona amandla ethu.

  2. Phatha ukucindezeleka kahle

  3. Kukhiqiza

  4. Baneqhaza emphakathini wethu.


Yenza lezinto ukuze uthole impilo yengqondo ephezulu:


  1. Xhumana nabantu: Yenza isikhathi sokuxhumana nomdeni kanye nabangane bakho. Mhlawumbe ningahamba ndawonye, ningadla ndawonye, futhi ningasebenza endlini ndawawonye. Ukuxhumana nabantu, kusenza sijabule. Ngaleyondlela impilo yenqondo iyathuthuka.

  2. Kumele uzivocavoce: Kumele senze isikhathi sokuzivocavoca. Ukuhamba, ukugijima, ukwenza i-yoga kanye nokwenza i-cardio kuyasiza ukuthuthukisa impilo yengqondo.

  3. Funda ikhono elisha: Ungafunda ukuthunga, ungafunda ukupheka ukudla okumnandi, ungafunda ulimi olusha, ungafunda ukulungisa umshini njalonjalo. Yenza noma yini ezokujabulisa! Kumele uqaphele ukuthi akukuhle ukusebenza kakhulu, ngoba uzodinwa kakhulu. Ukudinwa kakhulu akusizi impilo yengqondo.

  4. Ipha: Izigqondo zethu ziyajubula uma sipha izinto ebantwini. Awudingi imali ukupha into emtwini. Ungabuza abangane kanye nomdeni wakho uma badinga usizo, ungahlanza indlu yomndeni wakho, ungaphekela abangani bakho futhi uma une mali ungawuthengela umndeni wakho igrosa.

  5. Phefumula: Ngesinye isikhathi simatasa kakhulu, siyakhohlwa ukubheka izinto eziphambili kwethu. Funda isinsiza ethi “Phefumula" ukuthola indlela yokuphumula.

Kumele uqaphele ukuthi kulungile uma awufuni ukwenza lezinto. Singabantu! Uma ufuna ukuphumula kancane kulungile! Mhlawumbe ungayenza umbhede wakho kuphele. Kodwa uma uzizwa ukuthi awufuni ukwenza lezinto, sonke isikthathi, kumele uthole uziso. Funda isinsiza ethi “Izinombolo Okufanele uzazi" ukuthola abantu abangakusiza.


105 views0 comments

Recent Posts

See All
Post: Blog2 Post
bottom of page